Anelle de Bruin ubhekene necala lokwakha itulo lokubulala umyeni wakhe ongumlimi
Image: NPA
INkantolo yeMantshi e-Aliwal North ilihlehlisile icala elibhekene no-Anelle de Bruin, 46, unkosikazi womlimi owaziwayo wendawo, osolwa ngokuhlela ukumbulala “kube sengathi bekuhlaselwa epulazini”.
Umsolwa ubhekene necala lokwakha itulo lokubulala ngemuva kokuboshwa ngomhla ka-9 Januwari 2025.
Uvele kafushane namuhla, umshushisi wafaka isicelo sokuhlehliswa ukuze kuqhutshekwe nophenyo njengoba kusenezitatimende ezingakacaci, ama-albhamu ezithombe namarekhodi amaselula.
Icala lizobuyela enkantolo ngomhla ka-23 Ephreli 2025, ummangalelwa usangaphandle ngebheyili ka-R2000, nemibandela eyisipesheli yokuthi angabuyeli epulazini futhi agadwe uma evakashela izingane zabo.
Uboshwe ngemuva kokuthi amaphoyisa elunywe indlebe ngowesilisa okusolakala ukuthi weza kuye ukuze athole izinkabi ezizobulala umyeni wakhe oneminyaka engu-56. Ngokophenyo lwamaphoyisa, ummangalelwa wayesevele ekhokhele inkabi imali encane futhi wathembisa ukuthi uzoyikhokha yonke imali esele ngemuva kokubulala kanye nokukhokhwa komshwalense.
Kuthiwa waqoshwa eyalela ukuthi ngemuva kokudubula umyeni wakhe epulazini labo, izigebengu kumele zidubule izinja zomndeni kanye namathayi emoto ukuze kubukeke sengathi "bekuhlaselwa epulazini".
Kuthiwa ubephinde abikele umdidiyeli ukuthi kuzothatha isikhathi esingakanani ukuthi abalimi abangomakhelwane basukume uma bezwa kuhlaselawa.
Kusolwa ukuthi ubezodla ifa lika-R50 million uma kushona umyeni wakhe.
Related Topics: