UGWETSHWE kanzima owesifazane odabuka eSwazini, ngamacala okuthumba nokubulala.
Image: X
INKANTOLO eNkulu yaseGoli, igwebe uNonhlelelwa Matsebula (34) iminyaka engu-30 ebhadla ejele ngokuthumba nokubulala intombazane eneminyaka emine eProtea, eSoweto.
Ummangalelwa wavuma icala lokubulala uKeeya Mbulawa owayeneminyaka emine ngesikhathi sesehlo.
Uphenyo lukaCaptain Isaac Khubeka emaphoyiseni aseProtea, luveze ukuthi ngoJanuwari 13, 2024, ummangalelwa wajoyina izingane zidlala egcekeni, wathumba uKeeya ngenhloso yokuqola abazali bakhe.
Ummangalelwa wanika umufi ijusi efakwe amaphilisi ukuze alale, wambopha ngentambo entanyeni wase emfaka isokisi emlonyeni. Umsolwa wabe esefaka umufi epotimendeni wazama ukuphuma endaweni yesigameko kodwa wavinjwa unina kamufi, efuna ingane yakhe. Kuthiwa ummangalelwa wathuka walaxaza ipotimende wabaleka. Ingane yatholakala iqulekile yaphuthunyiswa esibhedlela, ngeshwa yashona ngomhla ka-17 Januwari, ngenxa yezinkinga zokuphefumula ezadalwa yindlela eyayiboshwe ngayo ngesikhathi ethunjwa.
Ummangalelwa waboshwa ngomhla ka-29 Januwari 2024, ngemuva kokuthi udaba lwakhe nezithombe zakhe zisatshalaliswe ezinkundleni zokuxhumana.
Ngesikhathi egwetshwa, uMatsebula uyalelwe ukuthi kufanele adonse iminyaka engu-20 yesigwebo asitholile ngaphambi kokuba abhekelelwe ngoshwele.
Related Topics: