Njengengxenye yomkhankaso ka 2024/2025 i-“For Every Kind of Tough”, igama yezicathulo ehamba phambili i-Toughees inikeza imindeni yase South Africa ithuba lokuwina ingxenye yayo engu R200,000 womklomelo ongukheshi.
Kusuka manje kuya kumhlaka 14 February 2025, noma ubani othenga ipheya lezicathulo zesikole ama-Toughees, estolo noma online, angangenela lomcintiswano azibeke ethubeni lokuwina kakhulu.
Lena kuyingxenye yomkhankaso ojabulisayo wamaToughees i-“For Every Kind of Tough”. Lomkhankaso uholwa phambili iqhawe elidlalela amaBhokobhoko uMakazole Mapimpi kanye neqembu labantu abasha baseNingizimu Afrika, lomkhankaso uhlose ukubungaza ukuzimisela nokubekezela kwawo wonke umntwana.
“Kwa-Toughees sikholelwa ukuthi ukuqina kuza ngezindlela eziningi, ngaphezu nje kwamandla angokomzimba” kusho uLemogang Kodisang, iMarketing Manager kwa-Bata South Africa ekhiqiza futhi isabalalise uhlobo lwe-Toughees.
“Noma ngabe unqobe ubunzima, noma ume waqina lapho ubhekene nezinkinga, noma ubonise ukuqina ngokomzwelo nangokwengqondo, sifisa ukukhuthaza izingane zaseNingizimu Afrika ukuba zikwazise ukuzethemba ezinakho” enezela.
UMapimpi isibani sethemba kubantu baseNingizimu Afrika, wakhulela endaweni yabantu abahlwempu yasemakhaya iTsholomnqa ngaphandle kwase East London, lapho abhekana khona nobunzima obukhulu. Kodwa-ke ukuzimisela nokuzinikela emsebenzini wakhe kumenze wafinyelela ezingeni eliphezulu kwambeka endaweni ephezulu emdlalweni wombhoxo eNingizimu Afrika, ukusuka eqenjini elisemazingeni aphansi e-club rugby waze wafinyelela ezingeni lamazwe ngamazwe neqembu lamaBhokobhoko.
Ama-Toughees e-“For Kind Of Tough” akhiqizwa ngokuziqhenya umkhiqizi iBata Loskop ezintabeni zase Drakensberg.
Sekuyiminyaka engaphezu kwengu-70 loluhlobo lwezicathulo luthenjwa abazali ngezinga yalo ephakeme, nokuhlala isikhathi eside, nokuqina ngokwanele ukuze lumelane nobunzima bendawo okudlalwa kuyo nasekilasini.
UTrevor Mkhize oyi-Brand Manager for School eBata South Africa, uthe abazali babheka izicathulo zesikole ezingakhululekile ekukhuleni kwezinyawo kuphela kodwa futhi eziqinile, ongazethemba nezihlala isikhathi eside. Sisebenzisa isikhumba se-leather yangempela esiqinisekisa ukuqina, ukuphefumula, zihlanzeka kalula futhi wonke amapheya afika newaranti yezinyanga eziyisithupha uma uzisebenzise kahle futhi ungazidabulanga.
• Thenga ipheya lezicathulo zesikole ze-Bata Toughees estolo noma online.
• Thumela nge-Whatsapp i-proof of purchase ku-087 250 0811 noma uthenge ngqo ku-www.toughees.co.za bese ugcwalisa ifomu lokungenela lomcintiswano.
• Abantu abawu-10 bazokhethwa ukuze bathole uR20, 000 umuntu ngamunye.
• Kunemigomo nemibandela. Umncintiswano uvala mhlaka 14 February 2025
Related Topics: