UNGQONGQOSHE woMnyango wokuThuthukisa amaBhizinisi amaNcane, uNkk Stella Ndabeni-Abrahams exoxa nomunye wosomabhizinisi abahambele umbukiso wosomabhizinisi, e-Anderson Sportsground, ePinetown izolo Isithombe: SIMANGALISO NTSHANGASE
UNGQONGQOSHE woMnyango wokuThuthukisa amaBhizinisi amaNcane ezweni, uNkk Stella Ndabeni-Abrahams, udalule ukuthi bazoba enkingeni abantu bakuleli zwe abasiza abantu bokufika ngokuthi benze amabhizinisi ngokumthetho ezweni.
Usho kanjalo izolo ekhuluma nabezindaba emva kokuvula ngokusemthethweni umcimbi wombukiso wosomabhizinisi, iDurban Business Fair, ebuya ihlandla lesi-26 kulo nyaka, wohlelo i-Inner West, e-Anderson Sportsground, ePinetown.
UNkk Ndabeni-Abrahams uthe kuyabakhathaza ukuthi nakuba esengaphezu kwa-2 000 amabhizinisi eThekwini, asukumele phezulu ekhelweni likaMengameli Wezwe lokuthi abhaliswe ngokusemthethweni, kodwa kubaphatha kabi ukuthi awu-5% kuphela aholwa ngabantu bakuleli zwe, kuthi wonke lawa amanye angabokufika kanti iningi labo lisizwe yizakhamuzi zezwe.
“Ngixwayisa bonke abantu bakuleli zwe abephula umthetho ngokubhalisa amabhizinisi abo sengathi bazenzela bona, kanti yindlela yokusiza abantu bokufika ukuthi babe namabhizinisi kuleli zwe ngokungemthetho. Lokho kuphambene nomthetho ngoba umuntu ovumeleke ukuba nebhizinisi ezweni wodabuka kulona, nokuleli zwe ngokusemthethweni,” kuchaza uNgqongqoshe.
Eqhuba, wexwayise ngokuthi bonke abantu abephula umthetho bazobhekana nezinyathelo zomthetho, njengoba yena nethimba lakhe sebeqalile uhlelo lokuhlonza ukuthi laba bantu bokufika abanamabhizinisi ngokumthetho, bangobani futhi badabuka kumaphi amazwe ukuze kubhekwane nabo ngqo.
“Lokho sikwenza ngoba sifuna ukuvikela abantu bakuleli zwe futhi siqinisekise ukuthi wonke umuntu onebhizinisi ezweni uthola ithuba lokuchuma ngalo, angaphazanyiswa ngabantu bakwamanye amazwe, abasizwa yizakhamuzi zaseNingizimu Afrika ukwenza lokho,” kusho uNkk Ndabeni-Abrahams.
Uthe nokho kumjabulisile ukubona osomabhizinisi bemikhakha namakhono ahlukene, behlangene ukuzokhangisa ngamabhizinisi abo. Lokhu kuzosiza babe ethubeni elihle lokuchuma futhi basizakale nangokudoba amakhasimende amasha.
Izinhlelo ezahlukene zomcimbi ziyaqhubeka namhlanje nakusasa, kanti kulindeleke ukuthi baqhubeke nokuthuthelana osomabhizinisi abangaphezu kwa-80 abazokhangisa kuwona.