INKOSI yamaQadi, uMqoqi Ngcobo nedili lomcimbi wokukhumbula wonke amakhosi amaQadi asakhothama Isithombe: SIGCINIWE
KUZOFINYWA ngendololwane esizweni samaQadi, iNkosi esesihlalweni, uMqoqi Ngcobo ikhumbula wonke amakhosi esizwe angu-17 asakhothama ngedili lomcimbi okuzohlatshwa kuwona izinkomo ezingu-20, ezinkundleni zemidlalo zaseMzinyathi, eNanda ngeSonto.
UNdunakulu wamaQadi, uMnuz Skwa Ngcobo, uthe konke sekumi ngomumo ngalo mcimbi omkhulukazi okuzoba ngowokuqala ukhona.
“Kubantu esilindele ukuthi babe yingxenye yalo mcimbi omkhulukazi ozoba semaQadini, singabala uNdunankulu waKwaZulu-Natal, uMnuz Thami Ntuli, uNdunankulu kaZulu, uMnuz Thulasizwe Buthelezi, amakhosi aqhamuka kwezinye izindawo okukhona ngisho nawase-Eastern Cape, akhonza ebandleni lamaNazaretha, kanye nesizwe sonke sasemaQadeni esizobe siqhamuka ezigodini ezingu-17. Kuzofika nezinye izizwe eziqhamuka kwezinye izindawo ezingaphansi kwasemaQadini, okungesaseNcwadi, eRichmond, esakwaMaphumulo, esasoThongathi nesaseBothas Hill. Umcimbi uzoqala ngo-10 ekuseni, kanti akhona namabhasi akhishiwe azobe eqoqa abantu abeza emcimbini,” kusho uNgcobo.
Kumakhosi azobe ekhunjulwa, uNgcobo ubale ayishumi, wathi amanye azodalulwa yiQadi ngelanga lomcimbi. Ubale iNkosi uMzonjani, ozala iNkosi esesihlalweni, uMzonjani ezalwa nguNdodembi ozala uMandlakayise, yena ezalwa nguMqhawe ozala uDabeka, uDabeka ozalwa wuDube ozalwa uSilwane, kuthi uSilwane azalwe uNjila kaNgotoma ozala uBhebhe.
Ngempumelelo yalo mcimbi uNgcobo, uthe iQadi libonga kwikomiti lalo ebeliwuhlela okukhona kulona noSihlalo walo uNzuza nePhini lakhe uMnuz Skwa Ngcobo noNobhala uMnuz Comfort Duma nabanye abayingxenye yalo.
Amaciko azonandisa ngalolu suku kukhona kuwona uGatsheni, uKhuzani, Igcokama Elisha, uBabo Ngcobo, Thinah Zungu neqembu lendawo okungaMaviyo.
Uthe kunxuswa ukuthi abantu bafike bevunule ngoba kuzobe kukhunjulwa amakhosi amadala amaQadi.
Related Topics: