UDKT Mafu Rakometsi
Uhlaka olubhekele izingabunjalo lemiphumela ka-matric, Umalusi, luthi awekho amaphepha ezivivinyo zaleli banga aputshukile kuzona zonke izifundazwe zakuleli, ngesikhathi kuqhubeka ukubhalwa kwazo ngonyaka odlule yize kukhona uphenyo ngezinsolo zabakopelile ezifundazweni ezimbili.
Lokhu kuvezwe yisikhulu esiphezulu kulolu hlaka uDkt Mafu Rakometsi ngesikhathi benesithangami nabezindaba ePitoli ngoMsombuluko.
Lolu hlaka lugunyaze ukudedelwa kwemiphumela yaleli banga okulindeleke ukuthi imenyezelwe wuNgqongqoshe weMfundo eyisiSekelo kuleli uNkk Angie Motshekga ngoLwesine.
URakometsi uveze ukuthi nakuba kungekho maphepha aputshukile, kodwa zikhona izingqinamba ezivelile ngesikhathi kuqhubeka ukubhalwa kwezivivinyo, okubalwa kuzo nokuboshwa kwabebebedayisa izitifiketi zaleli banga ezingombombayi.
Uthe okunye okubikiwe okusaphenywa, abafundi abangu-927 okusolakala ukuthi bakopelile, kanti abangu-763 abaKwaZulu-Natal bese kuthi abangu- 164 abasesifundazweni iMpumalanga. Uveze ukuthi ngokombiko abawutholile, kulezi zinsolo kuvela ukuthi abafundi babhale izimpendulo ezifanayo, kokunye izimpendulo ezifanayo ezishaya khona noma okungeyizo. Okwamanje akukathathwa sinqumo ngalezi zinsolo ngoba kusacutshungulwa.
“Kusukela ngesikhathi sibize isithangami nabezindaba ngo-Okthoba wanyakenye ukucacisa ngokulungela kwethu ukuqalwa kokubhalwa kwezivivinyo zika-2023, bangu-11 abasolwa asebeboshwe amaphoyisa ngokudayisa izitifiketi ezingombombayi. Umalusi uzoqhubeka nokusebenza namaphhoyisa ngazo zonke izindlela ukuqinisekisa ukuthi laboabakhiqiza izitifiketi zomgunyathi bathathelwa izinyathelo,” kusho uRakometsi.
Uthe kube khona amaphutha kwamanye amaphepha ayebhalwa, abale kuwo elesiZulu nephepha lesibili lePhysical Science. Uveze ukuthi imibuzo okutholakale ukuthi ibenamaphutha yeqiwe ngesikhathi kumakwa.
Uthe ngesikhathi kuqhubeka ukubhala kwezivivinyo nokumakwa kwamaphepha, bebeqhubeka nokuhlola izikhungo okubhalelwa nokumakelwa kuzo nokubheka ukuthi ukumakwa kwawo kuqhubeka ngendlela.
Ubonge izinhlaka ezehlukene ezisebenze ngokubambisana ukuqinisekisa ukuthi imiphumela ukuhlolwa kwabafundi kwenzeka ngempumelelo, okubakwa kuzo uMnyango weMfundo eyisiSekelo, owezeMfundo ePhakeme , ukuQeqeshwa nezobuChwepheshe, i-Independent Examination Board ne-South African Comprehensive Assessment Institute nezinyunyana.
Oyisikhulu esiphezulu wenyunyana yothisha i- National Professional Teachers' Organisation of South Africa, uthe izinsolo zokukopela ziyakhathaza kakhulu ngoba zilimaza isithunzi sokukhishwa kwemiphumela, wathi bazolindela imiphumela yophenyo.
Phambili, uNkk uMphathiswa wezeMfundo esifundazweni uNkk Mbali Frazer ngesikhathi ekhuluma nabafundi kwesinye sezikole ayesihambele ngaphambi kokuqalwa kwezivivinyo zokuphela konyaka, wabaxwayisa ngezigwebo abangabhekana nazo uma kwenzeka kutholakala ukuthi bakopelile, okukhona kuzo nokumiswa isikhathi esithile obanjwe ekopela engavumelekile ukusondelna nezinto ezithinta ukubhalwa kuka-matric.
Bangu- 723 971 abafundi baka-matric ababhale izivivinyo ngokugcwele zanyakenye, bebengu- 129 064 abebengafundi ngokugcwele.
Related Topics: