UNOMONDE Nxumalo ogqoke i-blazer elimhlophe obefunda eDlangezwa High ophase kahle kunabo bonke abafundi ebefunda u-matric ezikoleni ezingaphansi kukaMasipala iKing Cetshwayo, nyakenye ISITHOMBE: SIHLE MAVUSO/IOL
BAKLONYELISWE ngemali yokubhalisa ezikhungweni zemfundo ephakeme abafundi abaphase kahle u-matric ezikoleni ezingaphansi kukaMasipala iKing Cetshwayo.
NgoLwesine, lo mkhandlu bewunomcimbi wokunikezwa kwabanfundi imali yokubhalisa ezikhungweni zemfundo ephakeme nokubabonga ngokwenza kahle kwabo.
UNomonde Nxumalo obefunda eDlangezwa High obashaye emakhanda bonke abafundi bakulesi sifunda, uthe uma ufuna ukuphumelela kumele uzazi ukuthi ufunani, uzethembe.
Uthe bezikhona izingqinamba abebebhekana nazo bengabafundi njengokuphela kwamanzi endaweni yokuhlala abafundi obekwenza ukuthi kube nzima ukuthi bageze kodwa inkinga igcine ilungisiwe. Uthe uyofundela ubudokotela eNyuvesi yaKwaZulu-Natal.
USabelo Makhathini obefunda eGolozela High, oyofundela izifundo zomthetho eWits University, uthe bekungelula kodwa ngokubambisa nothisha bakwazile ukuthi banqobe izinselelo ebezivela ngesikhathi befunda ezinye zazo ebezidalwa ukuthi isikole afunda kuso sisemakhaya, singenazo ezinye izinsiza.
UNtokozo Xulu obefunda eVelangaye High, olale isine kubafundi abaphase kahle kulesi sifunda, oyofundela ubudokotela eNyuvesi yaKwaZulu-Natal, uthe imali abayinikwe ngumasipala enguR6 000 umfundi ngamunye, izomsiza ekutheni abhalise bese esalayo enze ezinye isidingo.
IMeya yalo mkhandlu, uMnuz Thami Ntuli, ithe nakuba bekuqonda ukuthi kumele baphakele umphakathi ngezidingongqandi ezifana namanzi kodwa bayazi ukuthi imfundo ibalulekile.
"Siyakholelwa ukuthi imfundo iyona eyothuthukisa umuntu nokuyinto umholi wethu uMntwana waKwaPhindangene akholelwa kakhulu kuyo, nathi silandela ezinyathelweni zakhe. Siyakholwa ukuthi uma sisiza abantu abasha sizisiza thina uqobo," kusho uNtuli.
Uthe abaqali ukunikeza abafundi imali yokubhalisa, wathi nyakenye, babize nezikhungo zemfundo ephakeme ukuze zizochazela abafundi ngamakhono abangawafundela kuzona nokuthi bangazifaka kanjani izicelo.
Related Topics: