Paul Mashatile Isithombe: Chris Collingridge
USEZIPHENDULELE ukuthi akukho okungalungile akwenzile uMgcinimafa we-ANC, uMnuz Paul Mashatile, emuva kokuba kusabalele i-video yakhe ezinkundleni zokuxhumana esebandleni eMakhado ebonakala “esaphaza” imali khona.
Ngokusho kwakhe uthe ubeye enkonzweni ngesikhathi sekunikelwa wabe esenika ithimba lakhe abehamba nalo imali ukuze nabo bezonikela.
Owayeyisikhulu ka-Eskom, uMnuz Matshela Koko, ubhale kwi-Twitter gxeka uMashitile ethi kungenzeka kanjani ukuba abonakale elokhu ekhipha imali ekubeni i-ANC ingabakhokhele imiholo abasebenzi.
Omunye uMpho Mathoho, ophinde wasabalalisa lo mbhalo unenezele ngokuthi: “UMgcinimafa we-ANC, uPaul Mashatile, unikeze imali abazalwane eLimpopo lapho ebenomkhankaso wokungena umuzi nomuzi ekhankasa. Abasebenzi be-ANC bona abaholile izinyanga ezintathu,”
UKoko uphinde wasabalalisa umbhalo kwiTwitter, wathi: “Le nto ayilungile kodwa lena sekwaba iyona ANC yamanje ukuthi nisaphaze imali ekubeni abasebenzi benu bengaholelwe.”
UMashatile uziphendulele ngesenzo sakhe wathi, “Akulona iqiniso ukuthi benginika abazalwane imali. Siye esontweni eMakhado ngesikhathi sekunikelwa nginike ithimba lami imali ukuze nabo bezonikela. Ukuze kungabi imina ngedwa onikelayo. Yinto ejwayelekile esontweni ukuthi abantu betshelekane imali uma kunikelwa. Bekungeyona indlela yokuthenga amavoti.”
I-ANC igaqele ukuthola wonke ama-ward angu-ANC kuMasipala waseMakhado eLimpopo.
Kumanje baphethe angu-37, iDA inelilodwa vo.
UMashatile, ubekhankasa eMakhado ngempelasonto. Uthe kuhambe kahle ukukhankasa wathi izinselelo eziningi endaweni yakhona ukungabi bikho kwamanzi.
Uthe babonile nokuthi baningi abantu abangasebenzi nengqalasizinda iyashoda.
Related Topics: