Ihhovisi likaNdunankulu uMnuz Sihle Zikalala esitatimenseni lithe imikhosi nemicimbi kanye nokuthinta indlunkulu bayakuhlonipha kakhulu.
UHULUMENI waKwaZulu-Natal ukhala nge-IFP ngokusebenzisa izingqinamba ezisendlunkulu ukuze izitholele amaphuzu epolitiki.
Lokhu bakusho emuva kokuba i-IFP, esitatimendeni esithumele kwabezindaba isole uhulumeni oholwa i-ANC KwaZulu-Natal ngokungaluphathi ngendlela udaba lwasendlunkulu. Ikhale ngokuthi kumisiwe ukwesekwa kwemikhosi yesizwe nabakubona njengokuhambisana nalabo abangasamukeli iSilo uMisuzulu.
Ihhovisi likaNdunankulu uMnuz Sihle Zikalala esitatimenseni lithe imikhosi nemicimbi kanye nokuthinta indlunkulu bayakuhlonipha kakhulu.
“Siwuhulumeni wesifundazwe, kusemahlombe ethu ukuqinisekisa ukuthi izindaba ezithinta indlukulu siziphatha ngendlela enenhlonipho nekhombisa ukukhula.
Yingakho ke singeke sivume ukuba kungenele inhlese yezepolitiki kulolu daba.
Sifisa ukucacisa ukuthi isigungu esiphezulu sesifundazwe sathatha isinqumo sokunika indlunkulu ithuba nesikhathi sokuba isingathe izindaba zendlunkulu njengongomndeni ngaphandle kokugxambukela kwabantu bangaphandle. Yingakho ke isigungu esiphezulu sathatha nesinqumo sokuba sihoxise okwesikhashana ukwesekwa kwemikhosi nezinto zosiko ngokwemali, kuze kube kulungiswa ukungaboni ngasolinye ngozoba yiSilo,” kusho isitatimende sikaNdunankulu.
Lisi sitatimende sithi uNdunankulu nohulumeni wesifundazwe uyayikhulekela indlunkulu, ukuba idlule kulesi simo esinzima.
Related Topics: