BAFUNA aboshwe owesilisa oyisihlobo okuthiwa ugwaze wabulala owesifazane othandana nababobulili obufana nobakhe eMbumbulu, ngaphandle kwaseThekwini.
UNksz Sisanda Gumede (28), kuthiwa ugwazwe ngowesilisa ahlobene naye kade ezama ukuxazulula ingxabano phakathi kwakhe nomunye wesilisa ngoMgqibelo.
Isolezwe lithole ukuthi umsolwa uthe yena ngeke atshelwe umufi, ufuna ukumqeda ubu$%&*ne, wabe esemgwaza kanye entanyeni. Kuthiwa uthe umfundisa isifundo.
Umsolwa kuthiwa akagcinanga lapho kodwa kade ehamba ezincoma ngesenzo sakhe ethi ufundise umufi isifundo. Kumanje usagcwele amathafa njengoba engakaboshwa.
Umfowabo kamufi, uMnuz Sbusiso Gumede, izolo ethintwa Isolezwe, uthe badumele kakhulu ngesehlo esibavelele wathi abakufuna kakhulu ukuba umsolwa aboshwe ukuze ezojeza.
“Udadewethu kade eyothenga ugwayi esitolo esiseduze esuka komunye umcimbi obusendaweni. Ufice (emdalula ngegama umsolwa), elwa nomunye umfana wasendaweni oyingane. Udadewethu uzame ukulamula, umsolwa uthe ngeke ezwe ngesit@$ne, uzomfundisa isifundo. Wabe esemgwaza. Ubalekile waya kubo, wafika wathi umgwaze isandla. Sitholile ukuthi ubehamba ezincoma ukuthi umfundisile. Kumanje sithukile, siyizinto zonke. Asazi njengoba engaboshiwe ukuthi kungenzeka yini ehlasele omunye umuntu. Esikufunayo siwumndeni ukuba aboshwe ngokushesha,” kusho uGumede.
Uthe kubathusile lokhu okwenzekile ngoba umsolwa uyisihlobo sabo, bathe bebengakulindele ukuba acwase umufi ngale ndlela ngoba ubengumuntu owaziwayo nje ukuthi uthandana nobulili obubodwa.
Kwenzeka lokhu nje, akukapheli isikhathi esingakanani kwahlaselwa kwabulawa u-Anele Bhengu, KwaMakhutha, naye ubethandana nobulili obubodwa. Nakwesakhe isigameko kwasolwa ukuthi wahlaselwa ngoba ecwaswa ngokuthandana nabanobulili obufanayo. Wayevakashele umngani wakhe, watholwa ehlinziswe okwembuzi ebulewe. Icala lisesenkantolo.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uCaptain Nqobile Gwala, uqinisekisile ukuthi kuvulwe icala lokubulala nokuthi umsolwa usagcwele amathafa.
Related Topics: