NONTUTHUKO NGUBANE
BADINWE bayaveva abazali abasola othisha ngokuntshontsha ukudla kwezingane esikole. Lokhu kungemva kokuba njengoba kufikwe kuthathwe konke ukudla kodwa kungazange kugqekezwe.
Abazali basikole iSenzokuhle Combined, eMpofana ngaseMooi River, babikele Isolezwe ngoLwesibili, ukuthi abasazi ukuthi kumele benzenjani ngoba isikole sibhekene nezinkinga. Bathi eyakamuva ngeyokuthathwa kwakho konke ukudla kwezingane, zasala dengwane.
Usihlalo wesigungu sabazali uNkk Thule Bhengu, uthe bakhathazekile ngoba ukwebiwa kokudla kuphazamisa ukufunda esikoleni.
“Isimo asisihle neze esikoleni. Ngikhuluma nawe nje, izingane azidlile ngoba kukhona abantshontshe konke ukudla kwesikole. Ukudla kufike ngoMsombuluko, kuse ngoLwesibili kungekho ukudla. Akugqekeziwe esikoleni nokwenza sisole ukuthi kuthathwe ngothisha. Yinto engaqali ukwenzeka lena. Izingane kumanje azinakho ukudla, likhona icala elivuliwe,” kulandisa uNkk Bhengu.
Uthe ngaphandle kwalokhu, bathwele kanzima ngoba kunothisha abathathu abangekho esikoleni emva kokuthola imiyalezo ebasabisayo.
“Ngikhuluma nawe nje, abafundi bakaGrade 12 abanaye uthisha we-English. Ubefundisa noGrade 11 no-10 nezinye izifundo. UGrade 1 awunaye uthisha. Akekho nothishanhloko. Okwenzeka ngoMashi uthisha wathunyelwa umyalezo omsabisa ngokuthi, lingashoni esesikoleni ngoba uzowukhomba umuzi onotshwala. Wavula icala. Nothishomkhulu usatshiswe ngoMeyi, naye wahamba. Kumanje kusatshiswe omunye uthisha kule nyanga kwathiwa akalandele ezinye izin%$#, ahambe ngoba uzodutshulwa. Othisha basatshiswa ngumuntu esingamazi. Lokhu kuphazamisa kakhulu ukufunda nokufundisa,” kukhalaza uNkk Bhengu.
Kuthiwa isimo basibikile ehhovisi labahloli, okwamanje bebengakalutholi usizo.
Okhulumela uMnyango wezeMfundo uKwaZulu-Natal, uMnuz Sihle Mlotshwa, uthe bazozibheka izinsolo zabazali, balandelele nesimo sokusatshiswa kothisha.
“Izinsolo ezinzima lezo zokuntshontshwa kokudla, sizofuna umbiko kuphenywe ukuthi kwenzakaleni. Sizofuna umbiko ogcwele nangezinsolo zokuthinteka kothisha. Nokusatshiswa kothisha yinto ebucayi kakhulu, nakhona sizosebenzisana nabazomthetho ukuba izimpilo zothisha nabafundi ziphephe. Sizokhuluma nabazali ngalesi simo, ukuze kugwemeke ukuphazamiseka kokufunda nokufundisa,” kusho uMlotshwa.
Isolezwe belisalinde imininingwane ngamacala avuliwe okusatshiswa kothisha, izinombolo zamacala zikothisha abebengatholakali izolo kwaze kwashaya isikhathi sokushicilela.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uCaptain Nqobile Gwala, ukuqinisekisile ukuvulwa kwecala lokugqekeza.
“Kunecala lokugqekeza elivulwe esiteshini saseRietvlei. Kusapheywa, ” kusho uCapt. Gwala.
Related Topics: