INGOZI eyenzeke emgwaqweni u-R6, eRamsgate, namhlanje ekuseni.
KUNXUSWA abashayeli ukuba baqikelele emgwaqweni njengoba kuzoba yimpelasonto ende, ukugwema izingozi.
Lesi sinxuso siza emuva kokushona kwabathathu abebehamba ndawonye engozini eyenzeke emgwaqweni u-R6, eRamsgate, namhlanje.
Laba abaneminyaka ephakathi kuka-23 no-57, bashonele endaweni yesigameko engozini ebandakanya izimoto ezincane, eyenzeke ngo-9.30 ekuseni.
Okhulumela ebezimo eziphuthumayo iKwazulu Private Ambulance Service, uMnuz Craig Botha, uthe ngesikhathi befika endaweni yesigameko enye imoto ibisha.
“Sihlole isimo, sathola abantu abathathu abebelimele sebeshonile,” kusho uBotha.
Uveze nokuthi abatakula izimoto basebenze ngokushesha ukunqanda umlilo ukuba ungokheleki kwezinye izimoto.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uCaptain Nqobile Gwala, uthe kuphenywa icala lokubulala ngokungenhlolo esiteshisi samaphoyisa eMargate.
Abakwa-Arrive Alive bakhiphe iziyalo kubantu abazobe benohambo emgwaqweni njengoba kunempelasonto ende.
Phakathi kwezinto abathe kumele ziqashwelwe ilezi:
*Ngaphambi kokuba uqale uhambo, kumele uphumule ngokwanele, ulale cishe amahora ayisithupha ngaphambi kohambo.
*Ukukhathazeka emoyeni noma ukugula kungenza uphazamiseke emgwaqweni.
*Hlela uhambo lakho, ube nophethroli noma udizili owanele.
*Ubhekisise imoto yakho ukuthi isesimeni, iyakhanyisa, izibuko ziyasebenza nama-bhuleki ayasebenza. Ubheke umoya emasondweni, ubheke uma kukhona okuconsayo.
*Emuva kokushayela amahora amabili, phumula imizuzu engu-15.
*Faka izibuko zelanga ukuze ugweme ukuxhopheka, ubuhlungu bamehlo uma ushayela.
*Ungaphuzi uma ushayela.
* Uma kwenzeka, hamba nomuntu ozokuxoxisa endleleni uma ushayela.
* Landela imithetho yomgwaqo, uqikelele imoto esemuva nengaphambili kwakho.
*Wehlise ijubane ikakhulukazi uma umgwaqo umanzi.
Related Topics: