UMNYANGO wezokuThuthukiswa koMphakathi KwaZulu-Natal, usuyalele amaphoyisa ukuba ambheke aze amthole bese eyambopha owesilisa ovela kwi-video eshaya owesifazane obegibele itekisi.
UMNYANGO wezokuThuthukiswa koMphakathi KwaZulu-Natal, usuyalele amaphoyisa ukuba ambheke aze amthole bese eyambopha owesilisa ovela kwi-video eshaya owesifazane obegibele itekisi.
Kwi-video esisatshalaliswe ezinkundleni zokuxhumana kubonakala owesilisa eshaya owesifazane abagibele naye itekisi, umshaya aze amsukumise, aze amklinye. Abanye abasetekisini bayakhuza, owesifazane ugcina esethuka owesilisa ethi kungani eshaya umuntu wesifazane.
UNgqongqoshe walo Mnyango uNkk Nonhlanhla Khoza, uthe lesi isigameko sokuhlukumeza ngokobulili ngakho unxusa ukuba umsolwa aboshwe.
UNgqongqoshe uveze ukuthi ubelokhu efonelwa ethunyelelwa ne-video kunesikhalo ngokwenzeka kuyo.
Kuvele ukuthi itekisi ibisuka eMgungundlovu iya eThekwini.
“Akusho lutho ukuthi ngabe bekwenzekeni ngaphambi kokuba owesifazane ahlaselwe owesilisa. Isenzo sakhe nje ngeke sisivikele. Lokhu kuveze ngokusobala ukuthi kukhona abanye abantu besilisa abanodlame, abahlukumeza abesifazane, abangamabhoklolo. Kumele baboshwe labo abenza njalo,” kusho uNkk Khoza.
Unxuse owesifazane ukuba avele ukuze athole ukwelashwa ngokomqondo, wabe esethi amaphoyisa kumele enze isibonelo ngalo muntu wesilisa oyisixhwanguxhwangu.
Uncome abagibeli abaqophe i-video ukuze udaba lufike kubona nathe luzosukunyelwa.
Uthe uhulumeni unesivumelwano neSantaco ngezigameko ezifuze lezi kwezokuthutha.
Unxuse ukuba iSantaco isebenzisane namaphoyisa ukuze lo mgibeli aboshwe.
Imenenja ehhovisi le-Santaco eKZN uMnuz Sfiso Shangase, ithe udaba bayalubheka, yagxeka nokulwa kwabagibeli ematekisini.
“ Ngokwe-Santaco uma umgibeli engaphakathi usuke eselawulwa umshayeli nomnikazi wemoto. Abagibeli kumele bakhuzeke, sisodwa singabantu kubalulekile sibe nenhlonipho. Asikho isizathu sokuba babekane izandla besezithuthuni zomphakathi,. Siyakugxeka kakhulu lokhu. Abanye abagibeli siyacela ukuba balekelele ukudambisa isimo uma into enjena yenzeka. Kuwudaba lomphakathi lolu. Asingayishayi indiva indaba sithi indaba yababili, uma abantu belwa. Abanye baze baphazamise umshayeli kuze kube nengozi. Sizolulandelela lolu daba,” kusho uShangase.
Isolezwe alikwazanga ukuthola umshayeli wetekisi nabathintekayo kule mpi ye-video, kwaze kwashaya isikhathi sokushicilela.
Related Topics: