UMSEBENZI kamasipala waseNewcastle egoma Isithombe: SITHUNYELWE
NONTUTHUKO NGUBANE
UMASIPALA waseNewcastle uthi cishe u-80% wabasebenzi balo masipala usuligomele igciwane leCovid-19, sekusele ingcosana elindele ukugoma okwesibili.
Lo masipala uke wavala amahhovisi ngenxa yesibalo esiphezulu sabasebenzi abatheleleka ngegciwane leCovid-19.
Lo masipala ungomunye obunohlelo lokugoma olwenziwe ngaphakathi emahhovisi kamasipala.
“Umasipala ubunohlelo lokugoma bonke abasebenzi, okubalwa nezikhulu zawo. Umkhankaso uyingxenye yokugqugquzela abantu abasha nabadala kulo masipala ukuba bagome. Kusemqoka ukuba abasebenzi bagome ngoba bangaphezu kuka-97% abasebenza nomphakathi, abahlangana nawo zonke izinsuku ngakho kumele baphephe. Kumanje abasebenzi bethu bangaphezu kuka-75% asebegomile, kubalwa neMeya yethu, uDkt Ntuthuko Mahlaba, iPhini leMeya, uMnuz Reuben Molelekoa, uSomlomo, uNksz Samke Yende, nePhini leMenenja kuMasipala, uMnuz Vish Govender,” kusho isitatimende sikamasipala waseNewcastle.
Imeya kuthiwa iyona ebihola lo mkhankaso njengoba kuyiyona eyagoma kuqala.
Imeya ithe kusemqoka ukuba umyalelo owakhishwa nguMengameli Cyril Ramaphosa ngokugoma, ulandelwe ukuze abantu bezophepha.
“Inhloso yethu enkulu kumasipala ukuba sigweme ukuba abasebenzi bethu betheleleke ngegciwane ngoba iningi labo lisebenza nomphakathi. Sabona ukuthi indlela ephusile yokunqanda igciwane ukuba sigqugquzele abasebenzi ukuba bagome, bahambe phambili ukuze bezokhuthaza nomphakathi ukuba ugome,” kusho uDkt Mahlaba.
Umasipala ugcizelele ukuthi abekho abasebenzi abaphoqiwe ukuba bagome kodwa bonke bagome ngoba bethanda. Uhlelo lokugoma umphakathi eNewcastle luyaqhubeka.
Ophethe ezokuxhumana kulo masipala, uMnuz Mlungisi Khumalo, uthe abanye abasebenzi bakamasipala sekubhekwe ukuba bagome okwesibili.
Ngeshwa lo masipala usushonelwe ngabasebenzi abayisikhombisa ngenxa yegciwane leCovid-19.
Related Topics: