LIPHINDE lahlehla icala lokushaya elibhekene nePhini likaMengameli we-EFF, uMnuz Floyd Shivambu, eNkantolo eNkulu eKapa izolo. Isithombe: EPA/NIC BOTHMA
LIHLEHLISELWE uFebhuwari 2022 icala lokushaya elibhekene nePhini likaMengameli we-EFF, uMnuz Floyd Shivambu, ummeli wakhe ekhala ngokuba matasa namanye amacala.
UShivambu ubevele enkantolo yaseKapa izolo.
Umbuso uthe unofakazi ababili abakulungele ukufakaza kodwa inkantolo ivumile ukuba icala lihlehle. UShivambu ubekwe icala lokushaya ngesigameko esenzeka ngoMashi 2018, lokushaywa kwentatheli ephalamende.
UMnuz Adrian de Kock, kuthiwa waklinywa futhi washaywa ebusweni ngesikhathi eya kuShivambu efuna ukuba athole ukuphawula kuyena ngodaba lokuqondiswa izigwegwe owayeyiMeya yaseKapa ngaleso sikhathi, uNkk Patricia de Lille.
Kumanje uDe Lille usenguNgqongqoshe wezemiSebenzi yoMphakathi neNgqalasizinda.
Lesi sigameko sokuhlaselwa kwentatheli senzeka phambi kwezinye, nabasebenzi basePhalamende.
Ngelanga lesigameko kwaba nokuphushana phakathi kwalaba ngesikhathi sekusondela ezinye izintatheli uShivambu waphuma wahamba.
Icala kwakumele lilalelwe enkantolo ngoJulayi 2020 kodwa kwangenzeka ngenxa kathaqa wezwe. Lahlehliselwa u-Okthoba ngawo u-2020.
Ummeli kaShivambu, uMnuz Ross McKernan, waveza ukuthi uhlelo lokuthetha leli cala ngaphandle kwasenkantolo lachithwa ngabashushisi, i-National Director of Public Prosecutions (NDPP).
Icala belilokhu lihlehliswa. UShivambu waliphika icala lokushaya.
Ummeli wakhe ugcizelela ukuthi uShivambu akazange amshaye kodwa nguye uDe Kock owaphusha uShivambu.
Related Topics: