OKHULUMELA uMnyango wezoBulungiswa nokuHlunyeleliswa kweziMilo kuleli, oholwa wuMnuz Ronald Lamola, uMnuz Chrispin Phiri, uthi akukho uLamola angakwenza ngodaba oluthinta ukudedelwa kowayengumengameli, uJacob Zuma, ngoshwele wokugula.
OKHULUMELA uMnyango wezoBulungiswa nokuHlunyeleliswa kweziMilo kuleli, oholwa wuMnuz Ronald Lamola, uMnuz Chrispin Phiri, uthi akukho uLamola angakwenza ngodaba oluthinta ukudedelwa kowayengumengameli, uJacob Zuma, ngoshwele wokugula.
UPhiri ukusho ephendula imibuzo ye-Independent Media, ngokwashiwo uKhomishana wamaJele, uMnuz Arthur Fraser, ngendlela okwenziwa ngayo ukuze kudedelwe uZuma.
“Ngokomthetho kwisiGaba (Section) 79, uLamola ungena kudaba lokudedelwa kwesiboshwa ngoshwele wokugula uma isiboshwa sibhekene nodilikajele. Kwezinye izigwebo isinqumo sithathwa yikomiti, eliholwa uyena uKhomishana (Frazer) noma ngophethe isikhungo,” kusho uPhiri.
UMnyango wanikeza uZuma ushwele esahlale ejele izinyanga ezimbili, kwisigwebo sezinyanga ezingu-15, ngecala lokudelela iNkantolo yoMthethosisekelo. UZuma usezosiqedela ekhaya isigwebo.
UFrazer wathi ukugula kukaZuma kwenza wasuswa ejele laseMtshezi wayiswa esibhedlela samasosha eTshwane, eyolashwa.
Lokhu kwenza iqembu i-DA, inhlangano iHelen Suzman Foundation ne-AfriForum, bafune izimpendulo ngalokhu okwenzeka.
UFrazer uvumile ukuthi walihlula ikomiti elikhipha ushwele ukuba kukhishwe uZuma, ukusho kade enengxoxo nesinye isiteshi sethelevishini.
Ugcizelele ukuthi konke akwenza kufanele futhi walandela umthetho.
Uthe kwalandelwa konke, kwalethwa nezincwadi zokugula kukaZuma kodwa ikomiti lamchitha, kwaze kube kungenelela yena.
Uthe ikomiti alizange livume adedelwe ngoba lalithi usesimeni esihle, uzolulama.
Uthe wabe esecubungula ulwazi olwalufakiwe, njengenhloko wabona kufanele ukuba uZuma adedelwe.
Owe-DA, uMnuz James Selfe, uthe babhalele usihlalo wekomiti ukuba kubhekwe okwenzeka kudedelwa uZuma.
Related Topics: