JACOB ZUMA
UKULALELWA kwecala lowayengumengameli kuleli, uJacob Zuma, mayelana nokuthi kungani umshushisi, u-Advocate Billy Downer SC, kungamele aqhubeke nokushushisa icala lakhe lenkohlakalo, kuhlehliselwe olunye usuku.
Bekulindeleke ukuba udaba luhlehliselwe uSepthemba 20 no-21 nonyaka, kodwa iNkantolo eNkulu yaseMgungudllovu, izolo, ilihlehlisele uSepthemba 21 no-22.
IJaji uPiet Koen lale nkantolo, liphinde lavumela ukuba abashushisi beNPA bafake ezinye izincwadi ezifungelwe, lathi lokhu kumele kwenziwe ngoSepthemba 16.
Uma uZuma nabameli bakhe befuna ukuphendula kulezi zincwadi ezifungelwe, kumele bakwenze lokhu ngoSepthemba 20.
“Ngithatha lezi zinqumo: Udaba luyahlehliswa engekho umsolwa wokuqala (uZuma), luzobuya ngoSepthemba 21-22, ngo-10 ekuseni, enkantolo evulelekile eMgungundlovu,” kusho ijaji.
Uthe lezi zinsuku zizovumela uZuma ukuba akwazi ukufaka ezinye izinsuku uma efuna kuhlehle icala bese eletha ubufakazi obuzomfakazela kuleso sicelo.
Ummeli kaZuma, u-Advocate Dali Mpofu SC, uveze ukuthi kubukeka kunenqubekela phambili ngodaba lokuphikisana ngendaba yokuhlolwa kokugula kukaZuma ngodokotela be-NPA.
UMpofu uthe uma kuvunyelwene noma kuphikiswene ngodaba lwezincwadi zokugula kukaZuma, kuzoba into ezokhulunywa uma sekuqulwa icala ngezinsuku ezintsha ezibekiwe.
Uma udaba lwezincwadi zokugula kukaZuma kulungiswa ngaphambi kokuba avele enkantolo, ngelanga lokuvela kwakhe kuzobe sekuqhubeka nokukhulunywa ngodaba lukaDowner.
Udaba lwezincwadi zokugula zikaZuma luvele ngesonto elidlule ngesikhathi yena nommeli wakhe kuthiwa banqabile ukuba odokotela abazimele boMbuso bamhlole ukuthi ngabe angakwazi yini ukuza enkantolo?
Bathi odokotela abalapha uZuma bangaboMbuso vele njengoba bengabombutho wokuVikela, ngakho akumele bangabazwe emsebenzini wabo.
Batshela abeNPA ukuthi uma bengabaza ukuhlolwa kukaZuma, lokho into ekumele beyiyise enkantolo.
“Basele nezinto ezintathu, uma bevuma, kukahle, kophela lapho. Uma bengavumi, kuzomele kube nobufakazi obuzolalelwa enkantolo, kodwa ke uma ukuphila kukaZuma kuba ngcono, lezi zinsuku zizosetshenziswa ukuba uZuma aqhubeke nesicelo sokuba uDowner aphume ecaleni,” kusho u-Adv Mpofu.
Related Topics: