KUKHALWA nxa zonke ngokushona ngokuzuma kukaJaji Jerome Mnguni (57) okuthiwa ukhale ngokungazizwa kahle esenkantolo, waphuthunyiswa esibhedlela wafike washona.
UMnguni waKwaNongoma kuvele ukuthi ushone izolo esibhedlela saseRichards Bay emuva kokugula isikhashana.
Ngokuthola kweSolezwe, ubesebenza enkantolo yaseMthunzini, wabika ukuthi akazizwa kahle, wabuyela lapho abelaliswe khona, ugcine esephuthunyiswa esibhedlela, washonela khona.
IPhini leNhloko yamaJaji KwaZulu-Natal, uJaji Isaac Madondo, lithe balimele kakhulu njengoba ukushona kwakhe kusho ukuncipha kwamajaji amnyama.
“Akukho okutheni engingakusho ngoba bekungekho kugula esikwaziyo, ubesenkantolo yaseMthunzini esebenza nje, angikwazi-ke ukugula okumhlasele ukuthi kuyini. Silimele ngokudlula kwakhe, ushona nje bekumele ayoqala umsebenzi eNkantolo yokuDlulisa amaCala ekuqaleni kwenyanga ezayo. Ngakolunye uhlangothi ubefake isicelo sokuba yinhloko yamajaji emacaleni okuqhudelana naphathelene nezentengiso. Kunguyena yedwa isicelo sakhe esiphumelele ukuba aye kwinhlolokhono ngawo u-Okthoba. Akusenzekanga konke lokho, silimele kakhulu. Okungikhalisa kakhulu yikho ukuthi isibalo sethu esingamajaji amnyama siba sincane kakhulu ngokudlula kwakhe. Bese sithemba ukuthi soshiya bona kulo msebenzi,” kusho iJaji Madondo.
Umufi ushiye umkakhe nabantwana. Isolezwe alizange likwazi ukuthola umndeni kamufi izolo.
UJaji Jerome Mnguni, Isaac Madondo noThoba Poyo Dlwathi bazokhumbuleka ngokukhipha isinqumo ecaleni lombango wakwaShembe, laze ladluliselwa phambili icala.
UJaji Mnguni usanda kusebenza icala lowayengumengameli kuleli, uJacob Zuma. UJaji Mnguni uqale ukuba yijaji ngo-2009. IJudge Matter ekhasini labo kwiFacebook bakhale esifanayo ngokudlula kwakhe, babhale kanje:
“Sidumele ngokushona kweJaji laseKZN elaqokwa ngo-2009. UMnguni nguyena kuphela obesohlwini lamajaji azophonswa imibuzo ngomsebenzi wenhloko yamajaji kwiCompetition Appeal Court kwinhlolokhono yeJSC ezoba khona.”
Related Topics: