UNESI wesilisa waseGoli, okuthiwa udayisela abafuna ukuvakasha kwamanye amazwe izitifiketi ezingombombayi, ezibachaza njengabangenayo iCovid-19, uphume ngebheyili kaR3 000.
UMnuz Skhumbuzo Manana (28) kuthiwa uvele eNkantolo yeMantshi iBooysens ngoMsombuluko ngamacala okuphula imigomo yokugunyaza ukukhishwa kwemishanguzo kanjalo nokukhwabanisa kanye nokutholakala nempahla okusolakala ukuthi yebiwe.
UManana, osebenza emtholampilo oseParkhurst, usolwa ngokudayisa izitifiketi eziwumgunyathi zeCovid-19 ngoR500 kubantu abafuna ukuya kwamanye amazwe.
Kuthiwa konke lokhu ubekwenza ngaphandle kokuthi ahlole abantu ukuthi banayo yini iCorona.
Amakhasimende akhe abemthumelela izinombolo ze-ID bese kuthi emva kwezinsuku ezimbili athole imiphumela evela e-laboratory ethi abanayo iCovid-19.
Kuthiwa kube khona izikhalazo ezibekwe yiGroup Forensic and Investigation Services (GFIS) yaseGoli mayelana nalo mgunyathi wezitifiketi zeCovid-19 kwase kuyaphenywa.
Emva kwalokho uManana ube eseboshwa ngo-Agasti 21 yiGFIS unit kanye namaphoyisa akwaMetro aseGoli.
UManana unikezwe ibheyili, icala lahleliselwa uSepthemba 17 ukuze kuzoqhubeka uphenyo.
Kuthiwa kusabhekwa bonke laba abathenge lezi zitifiketi ezingombombayi.