UPHOQWE ngabaphathi bakhe ukuba axolise ku-EFF nakubalaleli boKhozi FM ukuze abuyiselwe emsebenzini nasemoyeni umsakazi wohlelo lwasekuseni iVuka Mzansi uZama Ngcobo osanda kuzifaka otakwini egxibha umholi waleli qembu uMnuz Julius Malema ngokumbiza ngomfana omncane ongazi lutho ngepolitiki.
Lo msakazi obesamisiwe ukusakaza ngenxa yalesi senzo sakhe, ubuyiselwe emsebenzini izolo ngemuva kokuthi iziphathimandla kwaSABC zihlangene zavumelana ngokuthi kuzodingeka anikele emoyeni afike azehlise axolise ngoba kwasekuqaleni waphambuka esebenzisa umbhobho.
UZama uxolise kanje ohlelweni ngaphambi kokuqala uhlelo : “Ngicela ukuxolisa ngengakusho mhlaka 13 Juni.
“Ngiyawuqonda umthetho sisekelo wakuleli nomgomo we-SABC. Ngangingaqondile ukwehlisa isithunzi umholi we-EFF uMnuz Julius Malema, ngiyaxolisa kwabathintekayo. Lixhoshwa libhekile.”
Okhulumela i-SABC uMnuz Kaizer Kganyago uthe bavumelene ngokuthi isisombululo kuyoba yikho ukwehla ngobonda kulo msakazo.
“Ngenxa yokuthi uZama waphambuka esemoyeni esakaza simyalele ukuthi kudingeka abuyele khona emoyeni axolise hhayi nje kuphela ku-EFF kodwa nakubalaleli bethu abathinteka ngesenzo sakhe,” kusho uKganyago.
Lo msakazi besevele enuka iqaqa kumalungu e-EFF nobuholi bayo kanti nabalalaleli besebehlukene phakathi ngalo mbono wakhe owachazwa yi-EFF njengelumelayo nonendelelo.
Amalungu aleli qembu amasha anikela ezindlini zokusakaza kulo msakazo eyophoqa iziphathimandla ukuba zimkhulule uZama ekusakazeni ukuze angene kupolitiki ngoba thi bayabona ukuthi kukhona iqembu alisebenzisayo.
NgoLwesine uMnuz Mthandeni Zungu we-EFF ucashunwe kwiSolezwe ethi bagculisekile ngomhlangano ababe nawo nabaphathi boKhozi FM okunguMnuz Bonga Mpanza obambe esokuphatha iSABC KwaZulu-Natal noNksz Zandile Tembe ongumphathi woKhozi FM. Kepha uZungu wayethi abafuni ngisho asebenze nanoma yimuphi umsebenzi eSABC uZama.
Ebuzwa yileli phephandaba uKganyago ukuthi ingabe isixoliso salo msakazo asenze emoyeni sesanele yini naseqenjini le-EFF uthe beyizikhulu ze-SABC basazohlangana bahlele usuku nesikhathi abazohlangana ngaso nomholi walo uMalema baxolise ngokusemthethweni ngesenzo somsakazi wabo.
Abanye abalaleli babe sebenikela ezinkundleni zokuxhumana bafike baphawula nalapho iningi ithe lo msakazi ubezwakala nje ukuthi akushoyo ukufunda phansi akuphumi enhlizIyweni yakhe.
Related Topics: