UMBHALI wezincwadi nomeluleki wezezimali, uNksz Vangile Makwakwa Isithombe: SITHUNYELWE
NGESIKHATHI samaholidi okuphela konyaka yilapho abantu abaningi bejabula khona nemindeni, nabathandiweyo babo. Lokho kwenza abanye babe budedengu ngendlela abasebenzisa ngayo imali, bagcine bengena shi ezikweletini ebezingagwemeka.
Yilokho okwenze umbhali wezincwadi zezimali noweluleka ngokuphatha imali, uNksz Vangile Makwakwa, weluleka abantu ngokuthi baqale icebo lokwenza ukubeka imali kube wumkhuba wansuku zonke, ukuze bagweme izikweletu ezingenasidingo.
UNksz Makwakwa ubeyisikhulumi ngoLwesine emcimbini wokweluleka abantu ngokuphatha imali, obizwa nge-Science of Success, obuhlelwe yinkampani iMomentum, e-The Venue, eSandton, eGoli.
“Ukuphumelela akudingi ukuthi uze uthole izinto ezinkulu ngokushesha kepha kuqala ngokuthi uzijwayeze ukubeka imali kuleyo encane oyitholayo, kube wumkhuba wakho wansuku zonke ukusiza ukuthi kugcine kusegazini, ukwejwayele. Ngelinye lamacebo alula lelo umuntu angalisebenzisa ukugwema ukuvaleka okwenza ube nezikweletu,” kusho uNksz Makwakwa.
Eqhuba, uthe njengoba kuza i-Black Friday ngoLwesihlanu oluzayo, kumqoka ukuthi abantu bangabi yiziphekepheke, okwenza bagcine bethenga izinto eziningi abangazidingi.
“Into enhle umuntu angayenza wukuthenga izinto ngenani lazo noma alinde aze abe nemali eyanele ukuthenga leyo nto, hhayi ukujaha ngoba kungagcina kwenza ungene ezikweletini eziningi ongazidingi. Okunye okungasiza futhi wukuthi uma kunempahla oyidingayo, wenze uhlelo lwe-lay-by, okusho ukuthi uyikhokhela kancane kancane uze uqede, nakhona kokudingayo kuphela,” usho kanje.
Inhloko yophiko olubhekele indlela abantu abasebenzisa imali ngayo eMomentum, uMnuz Paul Dixon, ithe abantu kumele bagweme ukucabangela imanje kuphela uma besebenzisa imali.
“Into esizayo wukuba ngumuntu okhathazeka ngekusasa lakhe, ukusiza ukuthi ube nohlelo lokuthi izinto uzozenza kanjani esikhathini esizayo, okuzokuphoqa ukuthi ubeke imali ukukufeza. Okunye okusizayo wukuba nomuntu omaziyo, nowazi kangcono ngezezimal ngoba noma ungaceba kangakanani, kodwa ayohlale ekhona amaphutha odinga ukukhalinywa kuwona ukuze ungamoshi imali yakho kungenasidingo,” kucebisa uDixon.
Inhloko yezokumaketha yeMomentum, uNkk Qhawekazi Mdikane, ithe bajabule ngomehluko owenziwayo yilo mcimbi abawenzayo, wathi bazowuqhuba nezinye izinhlelo ezizozisa abantu baqonde ukubaluleka kokonga, ukubeka nokusebenzisa imali ngobunono.