Isithombe esigciniwe: Zanele Zulu/African News Agency(ANA) Isithombe esigciniwe: Zanele Zulu/African News Agency(ANA)
MHLELI: Ake ngiphawule odabeni lokuphakanyiswa kukaMnuz Mxolisi Kaunda (osesithombeni) obenguNgqongqoshe wezokuThutha KwaZulu-Natal njengoba isigungu esiphezulu se-ANC KwaZulu-Natal simqokele kwesobuMeya eMkhandlwini weTheku.
UKaunda ubewuphethe kahle umsebenzi eMnyangweni wezokuThutha njengoba ngamaholide okuphela konyaka ka-2018 ezokuphepha emgwaqweni beziqinile futhi nezingozi zomgwaqo zehlile uma ziqhathaniswa no-2017.
Simethembile uKaunda ukuthi uzokwazi ukuxazulula izinkinga ezihlasele iTheku ngoba yilona dolobha elithuthukisa iKwaZulu-Natal kwezomnotho. Ukungaqini kwezokuphepha nokungcola okusedolobheni ngaphakathi yikho okuzokwehlisa isibalo sabavakashi.
Abesifazane abasakwazi ukuhamba ngokukhululeka ngenxa yamaphara ahlasele idolobha abaphuca izinwele zabo zokufakelwa. Lokhu kuyabahlukumeza kakhulu abanye bagcina sebencamela ukuthi bahambe bebambe amakhanda noma bangazifaki nhlobo uma beza ezitolo eziseThekwini. ITheku manje linezindawo ezaziwa njengezizinda zamaphara lapho abantu abasaba nokuhamba khona ngoba besaba ukwenzakaliswa.
Amaphara awagcini ngezinwele kodwa ayagqekeza aphinde aphuce abantu izimpahla uma bezihambela. ITheku seliphenduke kwampunzedlemini ngenxa yala maphara.
Muva nje uma kuzofika izivakashi noma kuzoba nemicimbi emikhulu kuleli dolobha kuba khona izimoto zamaphoyisa aqoqa la maphara ahanjiswe ezindaweni la ezokwazi ukuqala khona impilo kabusha khona. Lesi senzo thina abahlali baseThekwini, asisiphathi kahle ngoba kusho ukuthi kumele kuze kube nemicimbi ukuze kususwe amaphara.
Siyacela uKaunda angenelele ngokushesha kulesi simo kungaze kushaye isikhathi samaholidi ngoba nala maphara sengathi isibalo sawo sikhula njalo. Ngenelela Kaunda safa amaphara.
Andiswa Mdunge
EMLAZA
Related Topics: