ULUNGO Ketete uhambo lwakhe emcimbini kazime uMiss SA olufinyelele emaphethelweni kule mpelasonto ohlelweni iCrown Chasers ekhonjiswa kuS3 ISITHOMBE: SITHUNYELWE
INTOKAZI yaseGauteng, uLungo Katete (26) isiveze ukuthi izibona iya kude nomkhakha wokumodela yize ikhishiwe esiqephini saleli sonto sohlelo lukaMiss SA, iCrown Chasers.
Kulolu hlelo olukhonjiswa kuS3, kulona kubonakala izintokazi ezisesigabeni sokugcina sikazime wakuleli uMiss SA, zenza izinto ezihlukene ukuveza ukuthi zikulungele kangakanani ukuthatha isicoco salo nyaka
Kuleli sonto izintokazi ezisele bezihambele esiqhingini saseMaritius, la bezinikwe khona umyalelo wokuqopha lonke uhambo lwazo, futhi zikhulume ngezinto ezihlukene ezikhona kulesi siqhingi.
Ziphinde zanikwa ithuba lokuthi zithwebule izithombe ezidonsa amehlo zikhangisa ngobuhle bazo.
Ekhuluma ngokuphuma kwakhe uLungo, uthe yize kunzima kodwa uya kude emkhakheni wokumodela. Uthe ukukhishwa kwakhe akusho lutho ngoba usaphokophele phambili ngalo mkhakha.
“Ngeke ngilukhohlwe lolu hambo ngenxa yokuthi ngihlangane nabesifazane abahlukene, abangifundise okuningi, ngakho kimi lolu hambo lube ngolufike ngesikhathi esifanele. Ngangithi kimi umzuzu omkhulu yilo abangitshela ngawo ukuthi ngingomunye wabakwi Top 12, kodwa usuku nosuku sesidlulile lesi sigaba, bengizithola ngijabula ngokuba kwesinye isigaba.
“Ukuhambela esiqhingini esihle kakhulu iMauritius nokwenza izinto ezihlukene khona nokuhlangana nabanye abantu, amasiko akhona engifunde ngawo yinto engingeke ngize ngiyilibale,” kusho uLungo.
Uthe yize kusenzima ukwamukela ukuthi usephumile kodwa uya kude njengoba ezosebenzisa konke akufundile.
“Kwezinye izintokazi ezisele manje, kube yintobeko kimi ukuhlangana nazo, nohambo esiluhambile kube ngolujabulisayo. Ngifuna nje ukubakhuthaza ukuthi balujabulele uhambo abakulona manje ukuya phambili. Kwesinye isikhathi siyakhohlwa ukubonga nokujabulela esisuke sinakho ngaleso sikhathi, ngakho ngithi umzuzu nomzuzu bawubambe ngezandla zombili, futhi babonge kubona bonke abantu abababeke la bekhona,” kuchaza yena.
Umcimbi omkhulu kaMiss SA, kulindeleke ukuthi ube seSunBet Arena, eTime Square, ePretoria ngo-Agasti 13.
Related Topics: