UMGADLI waMaZulu FC, u-Elmo Kambindu, ubona ezakhe zinethuba lokuhamba ibanga kwiNedbank Cup njengoba zizobhekana neMarumo Gallants kowe-Last 16, kusasa ntambama eDr Molemela Stadium, eBloemfontein Isithombe: BACKPAGEPIX
UMGADLI waMaZulu FC, u-Elmo Kambindu, uyakuqonda ukubaluleka kokuhamba ibanga kwezakhe emqhudelwaneni weNedbank Cup okuwuwona kuphela abesenethuba lokuwunqoba kule sizini ka-2024/25.
UKambindu (31) osayiniswe ngaMaZulu ngoJanuwari, esuka kwiChippa United, ngomunye wabagadli leli qembu elithembele kubona ekwenzeni izinto zenzeke kulesi sikhathi sesizini njengoba libheke ukuqhubeka nomgqigqo emidlalweni yeligi nokwenza kahle kwiNedbank Cup.
AmaZulu azotholana phezulu neMarumo Gallants koweLast 16 eDr Molemela Stadium, eBloemfontein, kusasa ngo-3 ntambama.
Lo ngumdlalo uthathwa njengowamagqubu kwazise Usuthu luyithele isibhaxu sika 2-0 iGallants koweligi ngeledlule.
“Kubaluleke kakhulu ukuthi senze kahle kulo mqhudelwano ngoba wumdlalo womkhumulajezi ufana nendlela enqamulelayo yokuwina indebe.
Uma nje singakwazi ukunqoba lo mdlalo esiya kuwona, siyobe sesedlulela emzuliswaneni olandelayo. Uma sesifinyelele kolandelayo, sekungenzeka nakhona sihambe size sifinyelele kowamanqamu. Unjalo nje umdlalo womkhumulajezi,” kusho uKambindu osashaye igoli elilodwa emidlalweni emithathu asayidlalile kuMaZulu.
Lo mgadli odabuka eNamibia, usho kanjena nje, Usuthu lusabhekene nenselelo yokuqeda ishobolo leminyaka lokunganqobi izicoco, ikakhulukazi lo mqhudelwano weNedbank Cup ofana nabakhwekwazi kuleli qembu laseMbelebeleni.
Emlandweni walo mqhudelwano osushintshe kaningi abaxhasi eminyakeni edlule njengoba wake waziwa ngeLife Challenge Cup, Mainstay Cup, Bob Save Super Bowl, Absa Cup, Usuthu alukaze luwuwine phezu phezu kokuba selwafinyelela kowamanqamu amahlandla ayisithupha kusukela ngo-1972.
Lugcine ngesizini ka-2009/2010 ukufinyelelala kowamanqamu luguqiswa yiBidvest Wits ngo 3-0.
Ngaphandle koSuthu olusasele emzuliswaneni we-Last 16 weNedbank Cup, elinye iqembu laKwaZulu-Natal yiDurban City edlala kwiMotsepe Foundation Championsip.
Kuzocaca namuhla ebusuku ngekusasa leCity kulo mqhudelwano njengoba izodudulana neTS Galaxy eChatsworth Stadium, eThekwini, ngo-7 ebusuku.
Related Topics: